Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 1:13
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.”


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;


Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”


Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,


Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe –


Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari.


engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka