umfanekiso wakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaSimakade, amakamelo nxazonke, ingcebo yendlu kaNkulunkulu, nengcebo yezinto ezingcwele,
KumaHeberu 8:5 - IsiZulu 2020 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,” Baasraak Zulu New Testament Bible abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni. |
umfanekiso wakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaSimakade, amakamelo nxazonke, ingcebo yendlu kaNkulunkulu, nengcebo yezinto ezingcwele,
UDavide washo wathi: “Konke lokho ngikubhalile ngiqondiswa nguSimakade, yebo, wonke umsebenzi walo mfanekiso.”
Yenzani konke njengalokho engizakunikhombisa khona, umfanekiso wethabanakeli, nayo yonke impahla ekulo, niyakuyenza kanjalo.”
Uyolenza ngamapulangwe libe lugobhozi. Ulenze ngendlela owayikhonjiswa entabeni.
Uthi lwezibani lwalwakhiwe ngegolide elicangcathiweyo, kusukela esinqeni salo kuya ezimbalini zalo. Lalifana nse nomfanekiso uSimakade awubonisa uMose; walwenza kanjalo uthi lwezibani.
Emveni kokuba sezixwayisiwe ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zaphindela ezweni lakubo ngenye indlela.
“Okhokho bethu babenethende lobufakazi ehlane njengalokhu kwakuyale uNkulunkulu ngoMose ukuba alenze ngomfanekiso ayemkhobise wona.
Njengalokhu umthetho uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ngeke waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.
Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.
Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?
Thina sine-althare, abangenalungelo lokudla kulo labo abakhonza ethabanakelini.
Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa.
“Sathi-ke: ‘Uma kungase kushiwo lokhu kithi nasezizukulwaneni zethu ngomuso, siyokuthi: “Bhekani lo mfanekiso we-althare likaSimakade abalenza okhokho bethu, bengalenzeli iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, kodwa ukuze libe ngubufakazi phakathi kwethu nani.” ’