Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 12:25 - IsiZulu 2020

25 Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 12:25
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


“Kepha uma ningifulathela, nilahle izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwenu, nihambe niyokhonza abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Bhekani, uSimakade uninike isabatha, ngakho-ke ngosuku lwesithupha uyaninika ukudla okwanele izinsuku ezimbili, hlalani yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi noyedwa endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”


USimakade wathi kuMose: “Uyakusho lokhu kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Nizibonele ukuthi ngikhulume nani ngisezulwini.


Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa, kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.


Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena, kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.


Lalelani ukuyalwa, nenze ngokuhlakanipha; ningakushayi indiva.


Nizwile, manje bhekani konke lokhu; aniyukukumemezela na? “Kusukela manje ngizokwazisa okusha, yebo, nokusithekileyo ongazange ukwazi.


Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


Lihlubukile ezehlulelweni zami nasezimisweni zami, lakhohlakala ukwedlula izizwe namazwe alizungezileyo, ngokuba balahlile izimiso zami, abaze bahamba ngazo.’


“Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa.


Uma nibuyela emuva ningamlandeli, uyophinde abashiye ehlane, nibhubhise bonke laba bantu.”


Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”


UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”


“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo.


Yilowo nalowo ongayukuwalalela amazwi ami ayowakhuluma eGameni lami, Mina ngiyobheka ukuba aziphendulele ngalokho.


“Kepha uma uyifulathelisa inhliziyo yakho ungalaleli; uyengeke ukuba ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.


Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.


UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


Ngobani-ke ayebathukuthelele iminyaka engama-40 na? Kwakungesibo yini labo abonayo, abazidumbu zabo zadindiliza ehlane na?


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


“Isho kanje inhlangano yonke kaSimakade: ‘Siphambeko sini lesi enisenze kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nimjikele namuhla ngokungabe nisamlandela uSimakade ngokuzakhela i-althare, na? Ningamhlubuka kanjani uSimakade namuhla, na?


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”


Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka