Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 4:8 - IsiZulu 2020

Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 4:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


ngokuba anikafiki endaweni yokuphumula nasefeni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona.


Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, libe yifa lakho, bese ukuqeda nya ukukhunjulwa kwama-Amaleki phansi kwezulu. Ungakhohlwa yilokho.”


UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Ngakho-ke likhona iSabatha kubantu bakaNkulunkulu.


aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,