Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 22:4 - IsiZulu 2020

4 Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 22:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.


USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”


Asiyukubuyela ezindlini zethu abakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo athole isabelo sakhe.


ngokuba anikafiki endaweni yokuphumula nasefeni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona.


Sadla izwe labo, salabela abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, laba yifa labo.


USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’


Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.


aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”


UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


UMose wanika isizwana sakwaRubeni ifa laso ngokwezindlu zaso.


Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona:


anibalahlanga abafowenu ngazo zonke lezi zinsuku kuze kube namuhla, kodwa nikuqikelele ukugcina konke uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka