Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:9 - IsiZulu 2020

9 ngokuba anikafiki endaweni yokuphumula nasefeni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ngokuba anikafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba awukafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:9
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Makabongwe uSimakade onike abantu bakhe, u-Israyeli, ukuphumula njengakho konke akushilo; akukho nelilodwa izwi elehlulekile kuwo wonke amazwi akhe amahle awakhuluma ngesandla sikaMose, inceku yakhe.


UDavide wathi: “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli unikile abantu bakhe ukuphumula, uhleli eJerusalema, kuze kube phakade.


Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Abantu abasinde enkembeni bafumane umusa ehlane, ngesikhathi u-Israyeli eya khona ukuze athole ukuphumula.”


Sukumani nihambe, ngokuba lena akusiyona indawo yokuphumula, ngoba ingcolile, iyakuqotha imbokodo nesisekelo kabi.


“Aniyukuzenza zonke izinto esizenza lapha namuhla, njengoba yilowo nalowo enza akubona kulungile emehlweni akhe,


Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho ezikuzungezile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, libe yifa lakho, bese ukuqeda nya ukukhunjulwa kwama-Amaleki phansi kwezulu. Ungakhohlwa yilokho.”


USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’


“USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka