Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.
KumaHeberu 4:6 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke lokhu kusasele ukuba abanye bangene kukho, nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa; |
Niyakulishiya igama lenu, libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uSimakade iyonibulala, ibize izinceku zayo ngelinye igama.
Ngiyobashaya ngobhubhane, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”
Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla.
“Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.
“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”
Bazalwane, ngithi isikhathi sesisifushane; kusukela manje abaganiweyo mabafane nabangaganiwe,
Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”
Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.
Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa.