Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 4:11 - IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 4:11
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha.


“Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncane. Ngokuba ngithi kini: baningi abayakufuna ukungena, kodwa behluleke.


“Umthetho nabaphrofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi, ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uyafuzula ukuba angene kuwo.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,


lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,


Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli;


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


Ngobani futhi afunga kubo wathi abayukungena ekuphumuleni kwakhe uma kungesibo labo abangamlalelanga na?


Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo.


Sifisa sengathi kungaba yilowo nalowo kini akhombise lokho kushisekela okufanayo, lize lipheleliswe ithemba lenu kuze kube sekugcineni;


Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Akudingekile ukuba kungakhuphuka yonke impi; akuhambe amadoda ayizi-2 000 noma ayizi-3 000 awuhlasele umuzi i-Ayi. Ngokuba ingumuzi omncane, makungakhuphuki wonke umuntu, kodwa abayingcosana.”


Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka