Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 4:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona, lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 4:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


Ngokuba ukusoka kuyasiza uma uwugcina umthetho, kodwa uma uyisephulamthetho, ngokusoka kwakho ufana nongasokile.


Kungani pho abanye bengakholwanga na? Ukungakholwa kwabo akukwenzanga ukwethembeka kukaNkulunkulu ize na? Ngabe kunjalo na?


Noma nginganikela ngakho konke enginakho, nginikele ngisho nangomzimba wami ukuze ngizigabise, kodwa uma ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.


Ngifuna ukwazi lokhu kuphela kini, ukuthi namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?


Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”


Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala,


“Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu,


ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu.


Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo.


ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.


kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.


Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo.


Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.


Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka