KumaHeberu 3:18 - IsiZulu 2020 Ngobani futhi afunga kubo wathi abayukungena ekuphumuleni kwakhe uma kungesibo labo abangamlalelanga na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na? Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi obani afunga kubo ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, ngaphandle kwalabo abangakholwanga na? Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi obani afunga kubo ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, ngaphandle kwalabo abangakholwanga na? |
USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?
akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona.
abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.
Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade.
USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.”
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
Ngokuba njengalokhu nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kodwa manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabezizwe.
“Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe.
njengalokhu ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abayukungena ekuphumuleni kwami.’ ”
Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.
Ngokuba impela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo, kodwa izwi abalizwayo alizange libasize bona, lokhu bengalemukelanga ngokukholwa lapho belizwa.
Ngakho-ke kuyakhanya ukuthi abathile babekelwe ukungena ekuphumuleni, nalabo ekuqaleni abalizwa ivangeli abangenanga ngenxa yokungalaleli kwabo.