futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”
KumaHeberu 2:16 - IsiZulu 2020 Ngokuba kuyakhanya ukuthi akezanga ukuzosiza izingelosi, kodwa labo abayinzalo ka-Abhrahama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba impela akathathanga isimo sezingelosi; kodwa wathatha inzalo kaAbrahama. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba impela akathathanga isimo sezingelosi; kodwa wathatha inzalo kaAbrahama. |
futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”
Ngokuba ukusoka kuyasiza uma uwugcina umthetho, kodwa uma uyisephulamthetho, ngokusoka kwakho ufana nongasokile.
Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu.
Kepha uma ningabakaKhristu, seningabolibo luka-Abhrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.
Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe.
Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
Phela abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyakuqeda ukuphikisana konke, siqinise.
Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu,