Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 3:16 - IsiZulu 2020

16 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 3:16
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”


USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


UNkulunkulu wathi ku-Abhrahama: “Ungakhathazeki kangaka ngomfana nesigqila sakho. Lalela konke akushoyo uSara, ngokuba uzalo luka-Isaka oluyobizwa ngawe.


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.


njengalokhu akhuluma kokhokho bethu ku-Abhrahama nolibo lwakhe kuze kube phakade.”


Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’


kanjalo nathi esibaningi, nokho simzimba munye kuKhristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asenziwanga ku-Abhrahama nasolibeni lwakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


Ngalokho, kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho kuphela, kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abhrahama ongubaba wethu sonke,


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu.


Manje-ke, nina ningumzimba kaKhristu, yilowo nalowo uyisitho nabanye.


BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo.


Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli.


Umbhalo wakubona ngaphambi kwalokho ukuthi uNkulunkulu uyakuzilungisisa izizwe ngokukholwa, ngakho-ke ivangeli lashunyayelwa phambilini ku-Abhrahama, ukuthi: “Zonke izizwe ziyakubusiswa kuwe.”


Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla.


engabambeleli kulowo oyinhloko, okungaye umzimba wonke uyondliwa, futhi uhlanganiswa ndawonye ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka