Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 22:18 - IsiZulu 2020

18 futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa; ngoba ulilalele ilizwi lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 22:18
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”


Ngeke ngimfihlele, njengalokhu u-Abhrahama ezokuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba zibusiseke ngaye,


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


U-Abhrahama welula isandla sakhe, wathatha ummese ukuba abulale indodana yakhe.


U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile.


Uyakufunga ngeqiniso, ngobulungiswa, nangokulunga, uthi: ‘Ngifunga phambi kukaSimakade,’ izizwe ziyakuzibusisa ngaye, zizishaye isifuba ngaye.”


kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.


Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.


Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’


mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama,


Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu.


Ngokuba uma ifa lizuzwa ngomthetho, akusayi ngesithembiso, kodwa uNkulunkulu umnikile u-Abhrahama lona ngesethembiso.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka