KumaHeberu 11:13 - IsiZulu 2020 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. |
“Ngingowezizwe nomfokazi phakathi kwenu. Ngisikeleni indawo yokungcwaba ukuze ngifihle ithambo lomkami.”
U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.
UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”
U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.
Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.
Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.
Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.
UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”
“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.
Wazala indodana wayibiza ngokuthi nguGereshomu, ngokuba ethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe.”
“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.
Wathi kuye: “Angiyukuhamba, kunalokho ngizosuka ngiye kwelakithi nasezihlotsheni zami.”
“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: baningi abaphrofethi nabalungileyo ababefisa ukubona lokhu enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa lokhu enikuzwayo, kepha abakuzwanga.
U-Abhrahama, uyihlo, wathokoza ukuthi uzobona usuku lwami, walubona, wajabula.”
Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na?
Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.
Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini,
Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,
Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,
Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.
UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,
Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.
Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; inhliziyo yethu iyakuba neqholo phambi kwakhe.