Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 10:30 - IsiZulu 2020

30 Wathi kuye: “Angiyukuhamba, kunalokho ngizosuka ngiye kwelakithi nasezihlotsheni zami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakumuka, ngiye ezweni lakithi nasemndenini wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 10:30
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi ku-Abhrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nakwabendlu kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.


Noma ngabe weqe ngoba usukhumbule ekhaya kini, pho kungani untshontshe onkulunkulu bami na?”


Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,


UMose wavalelisana nomukhwe wakhe, uJethro wahamba wabuyela ezweni lakubo.


“Nina-ke nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini.’


“Kepha yaphendula yathi: ‘Angithandi,’ kodwa kamuva yaguqula umqondo wayo, yaya.


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Abozalo loMkheni, umukhwe kaMose, bakhuphuka nabozalo lukaJuda bisuka emzini wamasundu baya ehlane lakwaJuda eNegevu ese-Aradi. Yena wahamba wayohlala nabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka