Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 11:27 - IsiZulu 2020

27 Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 11:27
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.


Bonke abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayebayalile ngoMose no-Aroni.


USimakade wathi kuMose ekwaMidiyani: “Hamba ubuyele eGibhithe, ngokuba sebafa bonke abebefuna ukukubulala.”


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.


Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa.


Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa.


kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha.


Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa.


lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.


Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.


Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo,


Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko.


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngakho-ke esebekezele, wakuzuza akwethenjiswayo.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka