Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.
Johane 9:10 - IsiZulu 2020 Base bethi kuyo: “Pho amehlo akho avulwe kanjani na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na? Contemporary Zulu Bible 2024 Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na? |
Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.
Zambuza uBharukhi, zathi: “Ake usitshele ukuthi uwalobe kanjani wonke lawa mazwi na? Ngabe wonke avela emlonyeni wakhe?”
alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani.
Yaphendula yathi: “Umuntu okuthiwa nguJesu wenza udaka, waninda amehlo ami, wayesethi kimi: ‘Hamba uye eSilowama, uyogeza.’ Ngahamba-ke, ngageza, ngase ngiyabona.”
AbaFarisi nabo bambuza futhi ukuthi kwenzeke kanjani ukuba abone. Wathi kubo: “Uninde amehlo ami ngodaka, ngageza, ngase ngiyabona.”
Kepha ukuthi usebona kanjani manje nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; buzani yena; usekhulile, uzakuziphendulela yena.”
Abanye bathi: “Yiyona,” abanye bathi: “Qha, kodwa ifana nayo.” Indoda yathi: “Yimina.”
Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Bavuswa benomzimba onjani na?”