Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa, akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni.
Johane 2:2 - IsiZulu 2020 UJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni. |
Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa, akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni.
“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’
“INkosi iyakubaphendula, ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: lokhu eningakwenzanga komunye walabo abancinyane, anikwenzanga kimi uqobo.’
Emva kwalokho, wehlela eKhaphernawume: Yena nonina nabafowabo nabafundi bakhe, bahlala lapho izinsukwana ezimbalwa.
Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”
Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile.
Abafundi base bekhuluma bodwa, bethi: “Ngabe kukhona yini omlethele ukudla na?”
Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”
Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”
Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani senifuna ukungihlamuka yini na?”
UJesu wabaphendula, wathi: “Anginikhethanga yini nina enili-12 na? Kepha omunye wenu ungusathane.”
Wayekhuluma ngoJuda, indodana kaSimoni Iskariyothe, ongomunye wabali-12, ngokuba nguye owayezakumkhaphela.
Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.
Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.
Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya.
Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isaphila, kodwa uma isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokuthanda kwakhe, kuphela ukuba lokho kube seNkosini.
Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.