Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 2:22 - IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 2:22
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba awuyiyekelanga impilo yami kwelabafileyo; nokuba othembekileyo wakho abone igodi.


Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?”


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”


Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye.


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”


Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”


UJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.


Ngase ngilikhumbula izwi iNkosi eyalikhuluma, ithi: ‘UJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubabhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’


ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili, ukuthi: “ ‘Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka