Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 UJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 2:2
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akayikubanga, akayikubangalasa, akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


“Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’


Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”


Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.


Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.”


Ngasemva kwalokho uJesu weza nabafundi bakhe ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza.


ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,


Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?”


Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.


Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.”


Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle,


Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”


Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.


Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”


UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”


Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.


Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:


Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.


kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.


Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka