Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.
Johane 2:10 - IsiZulu 2020 Wathi kuye: “Wonke umuntu ukhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi uma abantu sebephuze kakhulu, akhiphe elibi, kodwa wena ugcine iwayini elimnandi kuze kube manje.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.” Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. |
Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.
newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.
Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,
“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.
Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku.
ngokuba lapho sekudliwa, yilowo nalowo uphuthuma okwakhe ukudla kuqala, adle, omunye alambe, kuthi omunye adakwe.
afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.”
Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.