Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 104:15 - IsiZulu 2020

15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 104:15
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lokhu senize naphambukela emzini wenceku yenu, manginitholele isinkwa nimise insika, niphumule, bese niqhubeka nohambo lwenu.” Amphendula athi: “Kulungile.”


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla.


Udeka itafula phambi kwami, kubuka izitha zami. Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Nika uphuzo olunamandla kobhubhayo, newayini konomunyu enhliziyweni.


Uyophuza, akhohlwe ubuphofu bakhe, angabe esalukhumbula usizi lwakhe.


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:


Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla.


Bayakufika behlabelela ngokujabula, esicongweni seZiyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguSimakade; okusanhlamvu, iwayini, amafutha, amazinyane ezimvu namankonyane ezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniseliweyo, bangabe besaba nosizi nanini.


“Ndodana yomuntu, uma izwe lona kimi ngokwenza ukungethembeki, ngiyakwelula isandla sami ngimelane nalo, ngiqede umthombo walo wokudla, ngithumele indlala kulo, ngibulale abantu nezilwane okukulo.


Wabuye wathi, kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusulema. Bayakudla isinkwa esikaliwe, bekhathazekile, baphuze amanzi akaliweyo, bethuthumela.


Lapho ngibaciba ngemicibisholo yendlala elimazayo nebhubhisayo, eyakuba ngeyokubhubhisa, ngiyakuyiciba ukuba nginibhubhise; ngiyokwenza kudlange indlala kini, ngiqede nozime lwenu lwezinkwa.


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


Abakwa-Efrayimi bayakuba njengamaqhawe; inhliziyo yabo ithokoze sengathi kungenxa yewayini. Abantwana babo bayakukubona lokho bajabule; inhliziyo yabo ithokoze ngoSimakade.


Wayesethabatha indebe, wabonga, wabanika, baphuza kuso bonke.


Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Uyakuba neminqumo ezifundeni zakho zonke, kodwa awuyukuzigcoba ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangani bakho.”


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


Ngosuku lwesine bavuka kusempondozankomo ukuze umkhwenyana ahambe, kodwa uyise wentombi wathi kuye: “Misa insika ngocezu lwesinkwa, emveni kwalokho ningahamba.”


“Umvini waphendula wathi: ‘Ngiyeke yini ukukhiqiza iwayini elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngihambe ngiyobusa phezu kwemithi, na?’


“Isihlahla somnqumo sathi: ‘Ngiyeke ukukhiqiza amafutha ami acebile okuhlonishwa ngawo onkulunkulu nabantu, ngihambe ngiyobusa phezu kwemithi, na?’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka