Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 16:10 - IsiZulu 2020

ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 16:10
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.


“Amasonto angama-70 anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiphrofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”


“Kepha manje sengiyahamba, ngiya kongithumileyo kodwa akekho phakathi kwenu ongibuzayo athi: ‘Uya kuphi na?’


Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa,


Kepha kukhona omunye ofakaza ngami, futhi ngiyazi ukuthi ubufakazi abufakazile ngami buyiqiniso.


Ngakho-ke uJesu wathi: “Kusazokuba yisikhashana nginani, bese ngibuyela kulowo ongithumileyo.


ngokuba umisile usuku azakwehlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu ammisele khona, lapho enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”


Lo Jesu, uNkulunkulu wamvusa; thina sonke singofakazi balokho.


Kodwa nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba nikhululelwe umbulali,


Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe.


ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.