Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 16:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 16:10
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.


“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.


Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”


“Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’


Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa


Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.


Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.


njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”


UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;


kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali,


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka