Johane 13:12 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke esezigezile izinyawo zabo, wathatha izingubo zakhe, wabuye wahlala esidlweni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? Baasraak Zulu New Testament Bible Esezigezile izinyawo zabo, wathatha izembatho zakhe, wabuye wahlala phansi, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini? Contemporary Zulu Bible 2024 Esezigezile izinyawo zabo, wathatha izembatho zakhe, wabuye wahlala phansi, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini? |
UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakukwenza konke akwenzayo. Kuyakuthi lapho sekwenzekile lokhu, bese niyazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’
Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na?
Ngokuba ngubani omkhulu, ngabe ngohleli elindele ukunikwa ukudla noma yisisebenzi esiphakayo na? Akusiye yini ohlezi esidlweni na? Kepha Mina ngiphakathi kwenu njengesisebenzi.
Wasukuma esidlweni, wabeka izingubo zakhe, wathatha ithawula, walibopha okhalo.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Engikwenzayo manje awukwazi, kodwa uzakuqonda emva kwalokhu.”