Bhekani phakathi kwezizwe, nibuke, nishaqeke ngokumangala, ngokuba ngizakwenza isimanga ezinsukwini zenu eningayukusikholwa, lapho kulandwa ngaso.
IzEnzo 8:13 - IsiZulu 2020 USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Naye uSimoni wakholwa, esebhapathiziwe wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nezibonakaliso ezenziwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Naye uSimoni wakholwa, esebhapathiziwe wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nezibonakaliso ezenziwayo. |
Bhekani phakathi kwezizwe, nibuke, nishaqeke ngokumangala, ngokuba ngizakwenza isimanga ezinsukwini zenu eningayukusikholwa, lapho kulandwa ngaso.
Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.
Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.
Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngenze umsebenzi owodwa nje, kodwa nonke niyamangala.
NgeSabatha elilandelayo, kwabuthana cishe bonke abavela emzini ukuba bazokuzwa izwi likaNkulunkulu.
Kepha bayibona ukuthi iyona le ebihlala ngaseMnyango Omuhle wethempeli, inqiba, bagcwala ukumangala nokwesaba ngokwakwenzeke kuyo.
Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.