Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 3:10 - IsiZulu 2020

10 Kepha bayibona ukuthi iyona le ebihlala ngaseMnyango Omuhle wethempeli, inqiba, bagcwala ukumangala nokwesaba ngokwakwenzeke kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Base bemazi ukuthi nguye owayehlalela isipho ngaseSangweni Elihle lethempeli; bagcwala ukumangala nokumangala ngalokho okwakwenzakele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Base bemazi ukuthi nguye owayehlalela isipho ngaseSangweni Elihle lethempeli; bagcwala ukumangala nokumangala ngalokho okwakwenzakele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 3:10
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba amadoda akuleyo ndawo ambone, athumela izigijimi kulo lonke izwe; baletha kuye bonke abagulayo.


Bonke bafikelwa ngukwesaba, bakhuluma bodwa, bathi: “Lizwi lini leli, ngokuba ukhuluma ngegunya namandla, ukhuza imimoya engcolileyo, iphume na?”


Bamangala bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Kuthe besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale.


UJesu waphendula, wathi: “Akonanga yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe imisebenzi kaNkulunkulu kuye.


Ngakho-ke omakhelwane nalabo ababeyibone phambilini inqiba, babuzana bodwa, bathi: “Le ndoda akusiyo yini ebihlala inqiba na?”


Bonke bamangala, bakhungatheka, bathi omunye komunye: “Kusho ukuthini lokhu na?”


Bethuka, bamangala, bathi: “Bonke laba abakhulumayo abasibo yini abaseGalile na?


Indoda ethile eyisishosha kwasesizalweni sikanina, yayithwelwe yilabo ababeyibeka nsuku zonke ngasemnyango wethempeli obizwa ngokuthi “Omuhle” ukuba inqibe kulabo ababengena ethempelini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka