Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 8:12 - IsiZulu 2020

12 Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 8:12
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.


Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo.


Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.”


Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.


Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.


Sebekuzwile lokho, babhabhadiswa egameni leNkosi uJesu.


UPhethro wayesethi: “Phendukani, kube yilowo nalowo ababhabhadiswe egameni likaJesu Khristu, kube ngukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwemukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.


“Manje ngiyazi ukuthi anisayukububona ubuso bami, nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.


eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.


Kwanezelwa abaningi abakholwa eNkosini, izinkumbi zabesilisa nabesifazane,


Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli.


Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.


Nokho eNkosini, owesifazane akalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka