Ngathumela izigijimi kubo, ngathi: “Ngimatasatasa ngomsebenzi omkhulu, ngeke ngehle ngize lapho kini. Ngizowuyekelani umsebenzi engiwenzayo, ngehle ngize lapho kini na?”
IzEnzo 8:1 - IsiZulu 2020 USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli. |
Ngathumela izigijimi kubo, ngathi: “Ngimatasatasa ngomsebenzi omkhulu, ngeke ngehle ngize lapho kini. Ngizowuyekelani umsebenzi engiwenzayo, ngehle ngize lapho kini na?”
Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.
Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.
Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.
“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.
Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.
Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Kwakukhona ebandleni lase-Antiyokhiya abaphrofethi nabafundi: uBharnabha, uSimeyoni okuthiwa uNigeri, uLukhiyu waseKhurene, uManayeni umnawabo kaHerode, umThethrarkhi noSawula.
“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.
bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.
futhi namhla kuchithwa igazi likaStefani, ufakazi wakho, ngangimi khona lapho nami, ngivumelana nokwakwenzeka, ngiqaphe izingubo zabambulalayo.’
Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami.
Sebebabizile abaphostoli, babashaya, babaxwayisa ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, base bebakhulula.
“Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.
bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.
Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane.
Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.
Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.
Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli.
Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.