Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 22:20 - IsiZulu 2020

20 futhi namhla kuchithwa igazi likaStefani, ufakazi wakho, ngangimi khona lapho nami, ngivumelana nokwakwenzeka, ngiqaphe izingubo zabambulalayo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 futhi mhla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Lapho kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, nami ngangimi khona, ngivumelana nokubulawa kwakhe, ngilinda izingubo zabambulalayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lapho kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, nami ngangimi khona, ngivumelana nokubulawa kwakhe, ngilinda izingubo zabambulalayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 22:20
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho-ke niyafakaza, futhi nivuma imisebenzi eyenziwa ngoyihlomkhulu, ngokuba bona bababulala abaphrofethi, nina-ke senakha amatshe amathuna abo.


Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami.


Leli lizwi lathakaselwa yilo lonke ibandla, base bekhetha uStefani, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, uFiliphu, uPhrokhoro, uNikhanori, uThimoni, uPharmena, noNikholawu, oyiphroselithe lase-Antiyokhiya.


bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.


USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.


Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


ngiyazi lapho uhlala khona; lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane. Kepha ubambelele egameni lami, awuluphikanga ukholo lwami nasemihleni ka-Antiphase, ufakazi wami owethembekileyo, owabulawa phakathi kwenu lapho kuhlala khona uSathane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka