Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo.
IzEnzo 6:13 - IsiZulu 2020 Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho, IBHAYIBHELI ELINGCWELE bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho; Baasraak Zulu New Testament Bible Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho; Contemporary Zulu Bible 2024 Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho; |
Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo.
Usuku lonke bahlanekezela amazwi ami. Yonke imicabango yabo ihlose ukungilimaza.
Bonke bayiziphingi, banjengeziko elibaswe ngumbhaki, oyekela ukukhwezela kusukela ekuxoveni inhlama ize ikhukhumale.
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.
Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale.
bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani! Nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi ufike namaGriki wawangenisa ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.”
UPawula eziphendulela, wathi: “Angonanga ngalutho emthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKhesari.”
Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.”
bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.
Ngokuba lapho kunoguquko ebuphristini, kuba nesidingo sokuba kuguqulwe nomthetho.