Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe.
IzEnzo 5:14 - IsiZulu 2020 Kwanezelwa abaningi abakholwa eNkosini, izinkumbi zabesilisa nabesifazane, IBHAYIBHELI ELINGCWELE benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane, Baasraak Zulu New Testament Bible Abakholwayo baqhubeka benezelwa eNkosini, izixuku zabesilisa nabesifazane. Contemporary Zulu Bible 2024 Abakholwayo baqhubeka benezelwa eNkosini, izixuku zabesilisa nabesifazane. |
Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe.
Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.
Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.
Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide.
Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.
Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.
bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.
Ngayizingela le Ndlela kwaze kwaba sekufeni, abesilisa nabesifazane ngibabopha, ngibakhaphela emajele,
Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.
Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane.
Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.
wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.
Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.
Unakuvumelana kuni uKhristu noBheliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.