2 Samuweli 6:19 - IsiZulu 202019 Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE19 Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202419 Wababela abantu bonke, isixuku sonke sakwa-Israyeli, kwabesifazane namadoda, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, negabha lewayini. Basuka bonke abantu baya ezindlini zabo. Uka jalj uñjjattʼäta |
Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.