IzEnzo 4:12 - IsiZulu 2020 “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo. |
Igama lakho ngizolenza likhunjulwe yizizukulwane ngezizukulwane, ngakho-ke izizwe ziyokubonga kuze kube phakade.
Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.
UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
“Madoda, bazalwane, madodana olibo luka-Abhrahama, nalabo phakathi kwenu abesaba uNkulunkulu; izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga.
Ngokuba akekho ongabeka esinye isisekelo, ngaphandle kwaleso esibekiweyo, esinguJesu Khristu.
uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.
Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?
Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.
Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.