Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 2:3 - IsiZulu 2020

3 Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 2:3
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Ngalolo lusuku izakhamuzi zasogwini ziyothi: ‘Bheka ukuthi kwenzekeni kulabo ebesethembele kubo, nalabo ebesibalekela kubo ukuyocela usizo nokukhululwa enkosini yase-Asiriya. Pho thina-ke, siyophunyuka kanjani na?’ ”


Ukulunga kwami sekusondele, insindiso yami isiphumile, izingalo zami ziyokwehlulela izizwe; iziqhingi ziyongilindela zethembele engalweni yami.


Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”


USimakade uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe uza nawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”


Kepha inkosi yayivukela inkosi yaseBhabhele ngokuthumela izithunywa zayo eGibhithe, ukuba ithole amahhashi nabantu abaningi. Uyophumelela yini na? Uyophunyuka yini owenza lezi zinto? Uyophunyuka yini owephula isivumelwano na?


Ngokuba wedelele isifungo ngokwephula isivumelwano, wenza konke lokho nakuba ethembisile; ngakho-ke akayukuphunyuka.


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


Emva kokuboshwa kukaJohane, uJesu wafika eGalile; washumayela ivangeli likaNkulunkulu,


njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi,


Yasiphakamisela uphondo lwensindiso endlini kaDavide, inceku yayo,


Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,


Nani niyakufakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.”


kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.”


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”


uma nje kungenzeka ukuba ngivuse isikhwele kulabo abangabesizwe sakithi, ngisindise abanye babo.


Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na?


Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;


UNkulunkulu wakhuluma emandulo kokhokho ngabaphrofethi, ngezindlela eziningi nangamathuba amaningi.


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Ngakho-ke lokhu kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masesabe, ukuze kungabi bikho namunye, funa kube khona oyedwa kini obonakala esala emuva esithembisweni sokungena, esisekhona.


Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.


okuthe esephelelisiwe waba ngumthombo wensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.


Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe kini phambilini ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Khristu.


Samemeza ngezwi elikhulu, sathi: “Insindiso ingekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka