UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu.
IzEnzo 3:16 - IsiZulu 2020 Ngokukholwa egameni lakhe lo enimbonayo nenimaziyo, yigama lakhe elimenze waqina, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke. Baasraak Zulu New Testament Bible Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo; Contemporary Zulu Bible 2024 Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo; |
UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu.
UJesu waphenduka, wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Owesifazane wasinda ngaleso sikhathi.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.
Uma umuntu emukela ukusoka ngeSabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho kungani ningithukuthelele ngokuba ngisindise umuntu ngeSabatha na?
Yezwa uPawula ekhuluma, owayigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuthi ingabuye iphile,
Yakwenza lokhu izinsuku eziningi, kodwa uPawula esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu uKhristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.
Kepha uPhethro wathi: “Isiliva negolide anginalo, kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu uKhristu waseNazaretha, sukuma uhambe.”
yagxuma, yema, yahamba, yangena nabo ethempelini, ihamba igxumagxuma, imdumisa uNkulunkulu.
makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.
wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”
babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Nikwenze lokhu ngaliphi igunya nangaliphi igama na?”
ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.
Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.