Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Ngokukholwa egameni lakhe lo enimbonayo nenimaziyo, yigama lakhe elimenze waqina, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 3:16
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.


UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.


Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?


Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,


Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.


Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.”


egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu.


makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.


ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?”


ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;


Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka