Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na?
IzEnzo 21:7 - IsiZulu 2020 Thina sesiluqedile uhambo sisuka eThire, safika ePhetholemayi, sesibabingelele abazalwane, sahlala nabo usuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye. Baasraak Zulu New Testament Bible Sathi sesiqedile uhambo lwethu sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye. Contemporary Zulu Bible 2024 Sathi sesiqedile uhambo lwethu sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye. |
Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na?
Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:
UHerode wayebathukuthelele abantu baseThire nabaseSidoni, kodwa beza kuye benhliziyonye. Kuthe sebevumelene noBlastu, induna yesigodlo senkosi, bacela ukuba babe nokuthula, ngokuba izwe lakubo lalondliwa ngelenkosi.
Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya.
Kwathi sisahleli lapho izinsukwana, kwafika umphrofethi evela eJudiya, igama lakhe lingu-Agabhu.
UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
Kwathi sesiyibona iKhuphro saze sayedlula, siyishiya ngemuva ngakwesokhohlo, saya eSiriya. Safika echwebeni eThire, ngokuba umkhumbi wawuzokwethula lapho izimpahla.
Kuthe sekwedlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBhernisi bafika eKhesariya ukuyobingelela uFestu.
Khonzani kubo bonke abaniholayo, nakubo bonke abangcwele. Abase-Ithaliya bayakhonza kini.
Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela.