IzEnzo 21:16 - IsiZulu 2020 Abanye babafundi baseKhesariya bahamba nathi, basiyisa kuMnasoni othile waseKhuphro, umfundi omdala, esangenisa kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwasekuhamba lathi abanye babafundi baseKesariya, basisa kuMnasoni waseKhupro, obengumfundi omdala, ebesizangenisa kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekuhamba lathi abanye babafundi baseKesariya, basisa kuMnasoni waseKhupro, obengumfundi omdala, ebesizangenisa kuye. |
Kwathi ngosuku olulandelayo bafika eKhesariya. UKhorneliyu wayebalindele, esememe izihlobo nabangani bakhe abakhulu.
Wayeseyala ukuba babhabhadiswe egameni leNkosi. Base bemncenga ukuba ahlale nabo izinsukwana.
Kepha labo ababehlakazekile ngenxa yokuhlushwa okwaqala ngoStefani, bahamba baze bayofika eFenikhe, eKhuphro, nase-Antiyokhiya, bengakhulumanga zwi nakoyedwa, ngaphandle kwabaJuda.
Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi.
Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
Ngakusasa sahamba saze safika eKhesariya, sangena emzini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.
Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,
Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.
Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami.
nokho kungcono ukuba, ngenxa yothando, mina Pawula, osemdala futhi oyisiboshwa sikaKhristu uJesu, ngikuncenge.