Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuFilemoni 1:9 - IsiZulu 2020

9 nokho kungcono ukuba, ngenxa yothando, mina Pawula, osemdala futhi oyisiboshwa sikaKhristu uJesu, ngikuncenge.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuFilemoni 1:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufunyaniswa endleleni yokulunga.


Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,


ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni.


Ngiyanincenga kakhulu ukuba nenze lokho, ukuze ngibuyiselwe kinina masinyane.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Uma befika oyise noma abafowabo bezokhononda kithi, siyothi kubo: ‘Yibani nomusa kubo, nibavumele bawathathe, ngokuba empini asiyitholelanga mfazi indoda ngayinye, kodwa nani anibanikanga amadodakazi enu, ngabe manje ninecala.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka