Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.
IzEnzo 17:4 - IsiZulu 2020 Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. Baasraak Zulu New Testament Bible Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. Contemporary Zulu Bible 2024 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. |
Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.
Uyephi othandiweyo wakho, wena omuhle kakhulu phakathi kwabesifazane na? Ushonephi othandiweyo wakho sikufunise?
“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.
Ngakho-ke abaJuda babuzana bodwa, bathi: “Uzakuya kuphi lo muntu lapho singeke samthola khona na? Ngabe uzakuya kwabahlakazekele kumaGriki, ayofundisa amaGriki na?
Kuthe sebehlakazekile ababesesinagogeni, iningi labaJuda nabaphroselithe akhonzayo balandela uPawula noBharnabha, abakhuluma nabo bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.
Kepha abaJuda bavukuza abesifazane bezizwe ababalulekile, ababekhonza nabo nezikhulu zomuzi, babavusela ukuba oPawula noBharnabha bahlushwe futhi babaxosha emikhawulweni yezwe labo.
Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki.
Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli.
Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.
UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.
UPawula wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGriki.
Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.
Ngakho-ke iningi labo lakholwa, nabesifazane abaqavile bamaGriki namadoda amaningana.
Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.
Ngakho-ke wayexoxa esinagogeni nabaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini, nsuku zonke kulaba ababelapho.
Kepha amadoda athile anamathela kuPawula, akholwa. Phakathi kwawo kwakunoDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane okuthiwa nguDamari igama lakhe, nabanye ababe nabo.
Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.
bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani! Nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi ufike namaGriki wawangenisa ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.”
Kuthe sebededelwe, baya kwabakubo; bababikela konke abaphristi abakhulu namalunga abakushilo kubo.
lokhu akubanga njengokuba sasilindele, kodwa azinikela wona kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu,