Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 17:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 17:4
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.


Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.


Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.


Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,


Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo.


OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.


Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.


Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.


Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.


Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.


Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.


Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke;


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga;


Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.


futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka