IzEnzo 16:10 - IsiZulu 2020 Kuthe esewubonile lowo mbono; wafuna ukuya ngokushesha eMakhedoniya, ngokuba sasikholwa ukuthi uNkulunkulu usibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli. Baasraak Zulu New Testament Bible Esewubonile umbono, sahle sazama ukuya eMakedoniya, sesibonile impela ukuthi iNkosi isibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Esewubonile umbono, sahle sazama ukuya eMakedoniya, sesibonile impela ukuthi iNkosi isibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo. |
Ngakho-ke angizange ngenqabe, ngibiziwe, ngeza. Ngakho-ke ngiyabuza ukuthi ungibizeleni na?”
UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”
emini bebade, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, okwedlula ngisho ukukhazimula kwelanga, kwangikhanyisa nxazonke kanye nababehamba nami.
Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari.
Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe kungu-Ananiya. INkosi yakhuluma kuye ngombono, yathi: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngilapha, Nkosi.”