Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 27:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi sekunqunyiwe ukuthi siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, webutho lika-Awugustu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi sekunqunyiwe ukuthi siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, webutho lika-Awugustu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 27:1
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


Icebo likaSimakade limi ingunaphakade, namasu asenhliziyweni yakhe, ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


Kuhle ukuba umuntu athwale ijoka esemusha.


bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”


Kwathi induna yekhulu isikubonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Ngempela lo muntu ube ngolungileyo.”


Induna yekhulu yayinenceku eyithandayo eyayisigulela ukufa.


Kwakukhona indoda ethile eKhesariya, igama layo kunguKhorneliyu, iyinduna yekhulu yebutho okuthiwa elase-Ithaliya.


Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”


Kuthe esewubonile lowo mbono; wafuna ukuya ngokushesha eMakhedoniya, ngokuba sasikholwa ukuthi uNkulunkulu usibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo.


Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona.


Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”


Yathatha ngokushesha amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo. Kuthe sebebona induna yenkulungwane namabutho, bayeka ukumshaya uPawula.


Yathi ukuba induna yekhulu ikuzwe lokho, yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Uzokwenzenjani na? Ngokuba lo muntu ungumRoma?”


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


UPawula wabiza enye induna yekhulu, wathi kuyo: “Ake uyise le nsizwa enduneni yenkulungwane, kunokuthile ezakukubika kuyo.”


Wajuba induna yekhulu ukuba imgcine uPawula, kodwa imnike inkululeko, futhi inganqabeli muntu wakubo ukuzomsiza.


Ngakho-ke uFestu esekhulumile nomphakathi, waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKhesari, uzokuya kuKhesari.”


mina angifumananga lutho olufanele ukufa kwakwenzileyo, kodwa ngenxa yokuthi ulwedlulisele kuKhesari udaba lwakhe, nginqume ukumthumela lapho.


Induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawula.


kodwa induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawula yawavimba enhlosweni yawo. Yayaleza ukuba labo abakwaziyo ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, baze bafike emhlabathini.


Lapho-ke induna yathola umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Ithaliya, yasigibelisa kuwo.


Kwathi sesifikile endaweni ephephile, sezwa ukuthi leso siqhingi kuthiwa iMelitha.


Sesifikile eRoma, uPawula wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.


Khonzani kubo bonke abaniholayo, nakubo bonke abangcwele. Abase-Ithaliya bayakhonza kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka