Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.
IzEnzo 13:18 - IsiZulu 2020 Wababekezelela ehlane, kungathi iminyaka engama-40. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi cishe iminyaka engamashumi amane wabekezelela imikhuba yabo ehlane. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi cishe iminyaka engamashumi amane wabekezelela imikhuba yabo ehlane. |
Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.
Abantu bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engama-40, baze bafinyelela ezweni okwakhiwe kulo; bayidla imana baze bafika emngceleni weKhanani.
bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,
Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.
Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’
“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.