Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 9:30 - IsiZulu 2020

30 Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 9:30
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yase-Asiriya yathumba abakwa-Israyeli yabayisa e-Asiriya, yababeka eHala naseHabhori, ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede,


USimakade wakhuluma ngezinceku zakhe, abaphrofethi, wathi:


USimakade wathumela abaphrofethi phakathi kwabo ukuba bababuyisele kuye, babaxwayisa, kodwa abazange balalele.


“Kepha manje, Nkulunkulu wethu, sesizothini ngalokhu na? Phela siyilahlile imithetho yakho


Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.


“Kodwa abalalelanga, bakuhlubuka, bawufulathela umthetho wakho. Babulala abaphrofethi bakho, ababebagqugquzela ukuba babuyele kuwe; benza amahlazo enyanyekayo.


Wabexwayisa ukuba babuyele emthethweni wakho, kodwa baba nenkani, abaze bayilalela imiyalelo yakho nezehlulelo zakho. Bona bephula izimiso zakho, okuthi uma umuntu ezigcina aphile. Bakufulathela, baqinisa amakhanda, benqaba ukukulalela.


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze, ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abangazazanga izindlela zami.”


Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, ingcosana lapha, ingcosana laphaya.”


Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubaphangi na? Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye, abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nokulalela umthetho wakhe na?


Ngenxa yeGama lami, ngiyoyilibazisa intukuthelo yami; nangenxa yodumo lwami, ngizakuyibambela wena, ukuze ngingakunqumi.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


USimakade uthumele kini zonke izinceku zakhe, abaphrofethi, ebathumela njalonjalo, kodwa anilalelanga futhi aniyibekanga indlebe ukuba nizwe


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Nokho abangilalelanga, abangishayanga mkhuba, ukuba baphenduke ebubini babo, bangabe besashisela abanye onkulunkulu impepho.


Kusukela ngosuku okhokho benu abaphuma ngalo eGibhithe kuze kube namuhla, ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela imihla namalanga.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe.


Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha kwakusele amadoda amabili enkanjini. Igama leyokuqala kwakungu-Elidadi, negama leyesibili kunguMedadi. Umoya wahlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo ayebhalisiwe, kodwa ayengayanga ethendeni, nawo aphrofetha enkanjini.


Wababekezelela ehlane, kungathi iminyaka engama-40.


Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?


Baphenyisisa ukuthi yisiphi, futhi sinjani leso sikhathi esakhonjwa nguMoya kaKhristu owayekubo, efakaza ngaphambilini ngezinhlupheko zikaKhristu nangenkazimulo eyayizakulandela kamuva.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka