Kwathi esengqongqozile esivalweni sesango, kweza intombazana ukuba ilalele; igama layo kunguRoda.
IzEnzo 12:16 - IsiZulu 2020 Kepha uPhethro waqhubeka engqongqoza. Kuthe sebevulile babona ukuthi nguye impela, bamangala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha; sebevulile babona ukuthi nguye, bamangala. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uPetru waqhubeka engqongqoza; sebevule umnyango bambona, bamangala. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uPetru waqhubeka engqongqoza; sebevule umnyango bambona, bamangala. |
Kwathi esengqongqozile esivalweni sesango, kweza intombazana ukuba ilalele; igama layo kunguRoda.
Kepha bathi kuyo: “Uyahlanya.” Kepha yagcizelela ithi: “Ngempela kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.”
Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.