IzEnzo 10:5 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke thumela amadoda eJopha, ayobiza uSimoni othile, okuthiwa nguPhethro; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru; Baasraak Zulu New Testament Bible Manje thuma amadoda eJopha, ubize uSimoni othiwa futhi uPetru; Contemporary Zulu Bible 2024 Manje thuma amadoda eJopha, ubize uSimoni othiwa futhi uPetru; |
Wamyisa kuJesu. UJesu wambheka, wathi: “Wena unguSimoni kaJona; usuzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okusho ukuthi ngokuhunyushwa, uPhethro.
Ngakho, thumela eJopha, ubize uSimoni okuthiwa nguPhethro; ungenise endlini kaSimoni, umshuki wezikhumba, ngasolwandle.’
Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”
EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.
Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.”