Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”
IzEnzo 10:34 - IsiZulu 2020 UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, Baasraak Zulu New Testament Bible UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso. Contemporary Zulu Bible 2024 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso. |
Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”
ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.
Zambuza-ke zathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhululma futhi ufundise okulungileyo, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokweqiniso.
“Ngase ngithumela kuwe khona manjalo; wenze kahle-ke wafika. Manje sesilapha sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”
Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.
Ngabe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Ngabe akasiye yini nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe futhi,
Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.
Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.
Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.
Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.
lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.
Ngokuba lowo owenza okungalungile, uyakuvuna ukungalungi akwenzileyo, ngokuba akukho ukwenzelela kuyo.
Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu.
Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na?
Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, umthetho univeza obala njengezephulamthetho.
Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.