Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 10:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

34 UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 10:34
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.


Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi:


Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso;


Ngakho ngithumela masinyane kuwe; futhi wenze kahle ukuthi uze. Manje-ke sikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe nguNkulunkulu.


Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.


UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu.


Ngokuba akukho ukukhetha komuntu kuNkulunkulu.


Kambe unguNkulunkulu wabaJuda kuphela? Akasiye yini nowabezizwe? Yebo, nakwabezizwe:


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Nani makhosi, yenzani okufanayo kubo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi iNkosi yenu nayo isezulwini; futhi akukho ukukhetha ubuso kuye.


Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu, onamandla nonamandla, ongakhethi buso bamuntu, ongamukeli umvuzo.


Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Kepha owenza okubi uyakwamukeliswa okubi akwenzileyo; akukho ukukhetha komuntu.


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.


Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na?


Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.


Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka